3 EJerusalema kwahlala kubantwana bakwaJuda, nakubantwana bakwaBenjamini, nakubantwana bakwa-Efrayimi noManase:
4 ngu-Uthayi ka-Amihudi ka-Omri ka-Imri kaBani kubantwana bakwaPheresi kaJuda.
5 KumaShiloni: ngu-Asaya izibulo namadodana akhe.
6 Kumadodana kaZera: nguJehuweli nabafowabo, bengamakhulu ayisithupha namashumi ayisishiyagalolunye.
7 Kumadodana kaBenjamini: nguSalu kaMeshulamu kaHodaviya kaHasenuwa,
8 no-Ibineya indodana kaJerohamu, no-Ela ka-Uzi kaMikiri, noMeshulamu kaShefathiya kaRehuweli kaJibiniya,
9 nabafowabo ngezizukulwane zabo, bengamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisihlanu nesithupha. Bonke labo bantu babe yizinhloko zezindlu zawoyise ngokwezindlu zawoyise.