36 nendodana yakhe eyizibulo u-Abidoni, kanye noSuri, noKishi, noBali, noNeri, noNadabi,
37 noGedori, no-Ahiyo, noZakariya, noMikiloti.
38 UMikiloti wazala uShimeyamu. Nabo bahlala nabafowabo eJerusalema malungana nabafowabo.
39 UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala oJonathani, noMaliki Shuwa, no-Abinadaba, no-Eshi Bali.
40 Indodana kaJonathani yayinguMeribi Bali; uMeribi Bali wazala uMika.
41 Amadodana kaMika: ngoPhithoni, noMeleki, noThareya, no-Ahazi.
42 U-Ahazi wazala uJara; uJara wazala o-Alemeti, no-Azimaveti, noZimri; uZimri wazala uMosa;