39 UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala oJonathani, noMaliki Shuwa, no-Abinadaba, no-Eshi Bali.
40 Indodana kaJonathani yayinguMeribi Bali; uMeribi Bali wazala uMika.
41 Amadodana kaMika: ngoPhithoni, noMeleki, noThareya, no-Ahazi.
42 U-Ahazi wazala uJara; uJara wazala o-Alemeti, no-Azimaveti, noZimri; uZimri wazala uMosa;
43 uMosa wazala uBineya; uRefaya wayeyindodana yakhe; ngu-Eleyasa indodana yakhe, ngu-Aseli indodana yakhe;
44 u-Aseli wayenamadodana ayisithupha; amagama awo yilawa: o-Azirikamu, noBokeru, no-Ishmayeli, noShehariya, no-Obadiya, noHanani; labo babe ngamadodana ka-Aseli.