25 Manje ngenyukele yini ngaphandle kukaJehova kule ndawo ukuba ngiyichithe na? UJehova wathi kimi: “Yenyukela kulelo zwe, ulichithe.” ’ ”
26 Base bethi u-Eliyakimi indodana kaHilikiya noShebina noJowa kuRabi Shake: “Ake ukhulume ezincekwini zakho ngesi-Aramu, ngokuba siyaluzwa, ungakhulumi kithi ngolimi lwabaJuda ezindlebeni zabantu abasogangeni.”
27 Kepha uRabi Shake wathi kubo: “Inkosi yami ingithumile yini enkosini yakho nakuwena ukukhuluma lawa mazwi na? Hhayi kulaba bantu yini abahlezi ogangeni ukuba badle amasimba abo, baphuze umshobingo wabo kanye nani, na?”
28 Wayesema uRabi Shake, wamemeza ngezwi elikhulu ngolimi lwabaJuda, wakhuluma wathi: “Zwanini amazwi enkosi enkulu, inkosi yase-Asiriya.
29 Isho kanje inkosi, ithi: ‘Maningakhohliswa nguHezekiya, ngokuba akayikuba namandla okunophula esandleni sami;
30 futhi uHezekiya makanganenzi nethembe uJehova ngokuthi: “UJehova uyakusophula nokusophula, nalo muzi awuyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.” ’
31 “Ningamlaleli uHezekiya, ngokuba inkosi yase-Asiriya isho kanje, ithi: ‘Yenzani ukuthula nami, niphumele kimi, nidle, kube yilowo nalowo emvinini wakhe, kube yilowo nalowo emkhiwaneni wakhe, niphuze, kube yilowo nalowo amanzi omthombo wakhe,