13 UHezekiya wabalalela, wababonisa yonke indlu yengcebo yakhe, isiliva, negolide, namakha, namafutha amahle, nendlu yezikhali zakhe, nakho konke okwafunyanwa engcebeni yakhe; akubangakho nto endlini yakhe nasembusweni wakhe wonke angababonisanga yona.
14 Wayesefika u-Isaya umprofethi enkosini uHezekiya, wathi kuye: “Batheni labo bantu; beze kuwe bevelaphi na?”Wathi uHezekiya: “Bavela ezweni elikude eBabele.”
15 Wayesethi: “Baboneni endlini yakho na?”UHezekiya wathi: “Babone konke okusendlini yami; akukho nto phakathi kwengcebo yami engingababonisanga yona.”
16 U-Isaya wathi kuHezekiya: “Yizwa izwi likaJehova:
17 Bheka, izinsuku ziyeza, lapho konke okusendlini yakho nalokho oyihlo abakubekelele khona kuze kube namuhla kuyakuyiswa eBabele; akuyikusala lutho, usho uJehova.
18 Nasemadodaneni akho ayakuphuma kuwe, oyakuwazala, bayakuwathatha abe yizinceku endlini yobukhosi yenkosi yaseBabele.”
19 Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: “Lihle izwi likaJehova olikhulumileyo.” Wathi futhi: “Akunjalo, uma kuyakuba khona ukuthula nokulondeka emihleni yami, na?”