15 UDavide wayesebiza enye yezinsizwa, wathi: “Sondela, umsukele.” Yamshaya waze wafa.
16 UDavide wathi kuye: “Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho, ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe, lapho uthi: ‘Ngibulele ogcotshiweyo kaJehova.’ ”
17 UDavide walila ngalesi sililo ngoSawule noJonathani indodana yakhe,
18 wathi mabafundiswe abantwana bakwaJuda eyoMnsalo; bheka, silotshiwe eNcwadini Yoqotho.
19 “Udumo lwakho, Israyeli,lubulewe ezindaweni eziphakemeyo.Yeka ukuwa kwamaqhawe!
20 “Ningakusho eGati,ningakumemezeli ezitaladini zase-Ashikeloni,funa amadodakazi amaFilisti ajabule,namadodakazi abangasokile athokoze.
21 “Nina zintaba zaseGilibowa,makungabikho mazolo namvula phezu kwenu,nokugubha kotwa,ngokuba isihlangu samaqhawe santshingwa,isihlangu sikaSawule, singagcotshwanga ngamafutha.