2 Usamuweli 22 ZUL59

Ihubo lokubonga kukaDavide

1 UDavide wakhuluma kuJehova amazwi aleli hubo mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule,

2 wathi:“UJehova uyidwala lami,nenqaba yami, nomkhululi wami;

3 uNkulunkulu uyidwala lamiengiphephela kulo,nesihlangu sami,nophondo lokusindiswa kwami,inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami;msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni.

4 Ngiyamemeza kuJehovaodumisekayo,ngisindiswe ezitheni zami.

5 “Ngokuba amaza okufa angihaqa;izikhukhula zokona zangethusa.

6 Izintambo zasendaweni yabafileyozangizungeza,izihibe zokufa zangehlela.

7 Ekuhluphekeni kwami ngambizauJehova,ngakhala kuNkulunkulu wami;walizwa izwi lami esethempelini lakhe;ukukhala kwami kwangena ezindlebeni zakhe.

8 “Umhlaba wawusuzamazama,wadikizela;izisekelo zezulu zathuthumela,zaqhaqhazela ngokuba ethukuthele.

9 Kwenyuka umusi emakhaleni akhe,nomlilo odlayo emlonyeni wakhe;amalahle avutha kuye.

10 Wathobisa izulu, wehla;ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.

11 Wakhwela phezu kwekherubi,*wandiza;wabonwa emaphikweni omoya.

12 Wenza ubumnyama bubengamadokodo amphahlayo,amanzi aqoqane, amafu abe nzima.

13 Ekukhazimuleni okuphambi kwakhekwavuthiswa amalahle omlilo.

14 UJehova waduma ezulwini;oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe.

15 Wathuma imicibisholo,wabangquzula,yebo, nonyazi, wabadidizelisa.

16 Kwase kubonakala imisinga yamanzi;izisekelo zomhlaba zambulwangesijeziso sikaJehova,ngokufutha komoya wamakhala akhe.

17 Waselula isandla sakhe ephezulu,wangibamba;wangikhipha emanzini amaningi.

18 Wangophula esitheni samiesinamandlanakubo abangizondayo,ngokuba base bengahlulile.

19 Bangihlasela ngosuku lwesigemegemesami,kepha uJehova waba yinsika yami.

20 Wangiphumisela endaweni ebanzi:wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.

21 “UJehova wangivuza ngokokulungakwami;wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.

22 Ngokuba ngizigcinile izindlelazikaJehova;angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.

23 Ngokuba yonke imithetho yakheyayiphambi kwami,nezimiso zakhe angizivumanga ukuba zisuke kimi.

24 Ngangiphelele kuye;ngabuxwaya ububi.

25 UJehova wayesebuyisela kiminjengokulunga kwami,njengokuhlanzeka kwami phambi kwamehlo akhe.

26 “Kothembekileyo uyazibonakalisaethembekile;kumuntu oqotho uyazibonakalisa eqotho;

27 kohlanzekileyo uyazibonakalisaehlanzekile;koyisigwegwe uyazibonakalisa enenkani.

28 Uyasindisa abantu abathobekileyo,kepha amehlo akho aphezu kwabaqhoshileyo ukuba ubathobise.

29 Ngokuba wena uyisibani sami,Jehova;uJehova uyakhanyisa ubumnyama bami.

30 Ngokuba ngawe ngingahlasela impi;ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.

31 Indlela kaNkulunkulu iphelele;izwi likaJehova lihlanzekile;yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

32 “Ngokuba ngubani onguNkulunkulungaphandle kukaJehova,ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?

33 UNkulunkulu uyangibhincisaamandla;uyenza indlela yami ilunge,

34 yena owenza izinyawo zami zibenjengezendluzelekazi,angimise emagqumeni ami;

35 ofundisa izandla zami ukulwa,ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi.

36 Wena unginikile isihlangu sensindisoyakho;ubumnene bakho bungikhulisile.

37 Amabanga okunyathela kwamiuwandisile;amaqakala ami awaxegi.

38 “Ngazixosha izitha zami, ngazifica;angibuyanga ngingakaziqedi.

39 Ngaziqeda, ngaziphahlaza, zazezahluleka ukuvuka;zawa phansi kwezinyawo zami.

40 Wangibhincisa amandla okulwa;ababengivukele wabathobisa phansi kwami.

41 Wangifulathelisela izitha zami,nabangizondayo ngabaqothula.

42 Bakhala, kepha akubangakhoosindisayo,nakuJehova, kodwa akaze aphendula.

43 Ngabacolisisa njengothulilomhlabathi;ngabagxoba, ngabalahla njengensila ezitaladini.

44 “Wangikhulula ezimpini zabantubami;wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe;abantu engingabaziyo bangikhonza.

45 Abafo bazithoba phansi kwami;banele ukungizwa nje ngendlebe,base bengilalela.

46 Abafo babuna,baphuma ezinqabeni zabo bethuthumela.

47 “UJehova usekhona malidunyisweidwala lami;makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami,

48 uNkulunkulu onginikile impindiselo,wathobisa izizwe phansi kwami;

49 ongikhiphile ezitheni zami,wangiphakamisa phezu kwabangivukelayo,wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.

50 Ngalokho-ke ngizakukubongaphakathi kwabezizwe, Jehova,ngilihubele igama lakho.

51 Uyenza insindiso ibe nkulu enkosiniyakhe;uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavidenasenzalweni yakhe kuze kube phakade.”

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24