2 Usamuweli 11 ZUL59

Isono sikaDavide noBati Sheba

1 Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi uDavide wamthuma uJowabe nezinceku zakhe zinaye kanye no-Israyeli wonke, babachitha abantwana bakwa-Amoni, bavimbezela iRaba; kepha uDavide wahlala eJerusalema.

2 Kwathi kusihlwa uDavide wavuka embhedeni, wahamba ophahleni lwendlu yenkosi, wabona esesophahleni owesifazane egeza; owesifazane wayemuhle kakhulu, ebukeka.

3 UDavide wathuma wabuza ngalowo wesifazane. Omunye wathi: “Lowo akasiye uBati Sheba yini, indodakazi ka-Eliyamu, umka-Uriya umHeti, na?”

4 UDavide wathuma izithunywa, wamthatha; wangena kuye, walala naye, ngokuba wayesehlambulukile yena ekungcoleni kwakhe; wabuyela ekhaya.

5 Owesifazane wamitha, wathuma wamtshela uDavide, wathi: “Ngikhulelwe.”

6 UDavide wayesethumela kuJowabe ngokuthi: “Thuma kimi u-Uriya umHeti.” UJowabe wamthuma u-Uriya kuDavide.

7 Esefikile kuye u-Uriya, uDavide wabuza kuye impilo yakhe, nempilo yabantu, nokuthi impi ihamba kanjani.

8 UDavide wayesethi ku-Uriya: “Yehla uye endlini yakho, ugeze izinyawo zakho.” U-Uriya waphuma endlini yenkosi, kwamlandela isipho sokudla esivela enkosini.

9 Kepha u-Uriya walala ngasemnyango wendlu yenkosi kanye nazo zonke izinceku zenkosi yakhe, akehlelanga endlini yakhe.

10 UDavide esetsheliwe ukuthi u-Uriya akehlelanga endlini yakhe, uDavide wathi ku-Uriya: “Awubuyi ekuhambeni yini? Awehlelanga ngani endlini yakho na?”

11 U-Uriya wathi kuDavide: “Umphongolo, no-Israyeli, noJuda bahlezi emadokodweni; inkosi yami uJowabe nezinceku zenkosi yami zimisile endle; mina-ke, pho, ngingene endlini yami, ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? Kuphila kwakho nokuphila komphefumulo wakho, angiyikuyenza leyo nto.”

12 Wayesethi uDavide ku-Uriya: “Hlala lapha nanamuhla; kusasa ngiyakukuvumela ukuba uhambe.” U-Uriya wayesehlala eJerusalema lolo suku nolulandelayo.

13 Esebiziwe nguDavide wadla waphuza phambi kwakhe; wamdakisa; kusihlwa waphuma ukuyolala embhedeni wakhe kanye nezinceku zenkosi, kepha akehlelanga endlini yakhe.

14 Kwathi ekuseni uDavide wamlobela uJowabe incwadi, wayithuma ngesandla sika-Uriya.

15 Waloba encwadini ukuthi: “Misani u-Uriya ngaphambili, lapho impi ishisa khona, nihlehle kuye ukuba ashaywe, afe.”

16 Kwathi uJowabe esahlozinga umuzi, wammisa u-Uriya endaweni lapho azi ukuthi kukhona amadoda anamandla.

17 Abantu bomuzi baphuma balwa noJowabe; kwawa abantu abathile ezincekwini zikaDavide; wafa naye u-Uriya umHeti.

18 UJowabe wayesethuma wamtshela uDavide zonke izindaba zempi;

19 wasiyala isithunywa ngokuthi: “Lapho uqedile ukuyitshela inkosi zonke izindaba zempi,

20 kuyakuthi uma kuvuka intukuthelo yenkosi, ithi kuwe: ‘Nisondeleleni kangako emzini ukulwa na? Beningazi yini ukuthi bebeyakucibishela besogangeni na?

21 Ngubani owabulala u-Abimeleki indodana kaJerubesheti na? Angithi owesifazane esogangeni wamphonsa ngembokodwe, wafa eThebesi, na? Nisondeleleni kangako ogangeni na?’ uthi: ‘Inceku yakho u-Uriya umHeti ifile nayo.’ ”

22 Sase sihamba isithunywa, safika samtshela uDavide konke esasikuthunyelwe nguJowabe.

23 Isithunywa sathi kuDavide: “Amadoda ayesehlula, asiphumela endle, kepha sawaficezela kwaze kwaba sesikhaleni sesango.

24 Abacibishelayo bacibishela izinceku zakho besogangeni; ezinye izinceku zenkosi zifile, nenceku yakho u-Uriya umHeti ifile nayo.”

25 UDavide wayesethi kuso isithunywa: “Uyakusho kanje kuJowabe, uthi: ‘Le nto mayingabi mbi emehlweni akho, ngokuba inkemba idla omunye njengomunye; qinisa impi yakho ngasemzini, uwuchithe;’ bese wumqunga isibindi.”

26 Umka-Uriya esezwa ukuthi u-Uriya indoda yakhe ufile wayililela indoda yakhe.

27 Sekuphelile ukulila, uDavide wathuma wamletha endlini yakhe; waba ngumkakhe, wamzalela indodana. Kepha leyo nto eyenziwe nguDavide yayimbi emehlweni kaJehova.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24