2 kwathi-ke ngosuku lwesithathu, bheka, kwaphuma umuntu ekamu* likaSawule, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda, wawa phansi ekufikeni kwakhe kuDavide, wakhuleka.
3 UDavide wathi kuye: “Uvelaphi na?”Wathi kuye: “Ngibalekile ekamu* lakwa-Israyeli.”
4 UDavide wayesethi kuye: “Bekunjani na? Ake ungitshele.”Wathi: “Abantu babalekile empini, nabantu abaningi bawile, bafa; oSawule noJonathani indodana yakhe bafile nabo.”
5 UDavide wathi kuleyo nsizwa eyamtshelayo: “Wazi kanjani ukuthi oSawule noJonathani indodana yakhe bafile na?”
6 Insizwa eyamtshelayo yathi: “Ngithe ngisentabeni yaseGilibowa, bheka, uSawule wencika emkhontweni, kwamjonga kakhulu izinqola nabamahhashi.
7 Lapho ebheka emuva, wangibona, wangibiza. Ngaphendula ngokuthi: ‘Ngilapha.’
8 “Wathi kimi: ‘Wena ungubani na?’ Ngathi kuye: ‘NgingumAmaleki.’