4 UDavide wathuma izithunywa, wamthatha; wangena kuye, walala naye, ngokuba wayesehlambulukile yena ekungcoleni kwakhe; wabuyela ekhaya.
5 Owesifazane wamitha, wathuma wamtshela uDavide, wathi: “Ngikhulelwe.”
6 UDavide wayesethumela kuJowabe ngokuthi: “Thuma kimi u-Uriya umHeti.” UJowabe wamthuma u-Uriya kuDavide.
7 Esefikile kuye u-Uriya, uDavide wabuza kuye impilo yakhe, nempilo yabantu, nokuthi impi ihamba kanjani.
8 UDavide wayesethi ku-Uriya: “Yehla uye endlini yakho, ugeze izinyawo zakho.” U-Uriya waphuma endlini yenkosi, kwamlandela isipho sokudla esivela enkosini.
9 Kepha u-Uriya walala ngasemnyango wendlu yenkosi kanye nazo zonke izinceku zenkosi yakhe, akehlelanga endlini yakhe.
10 UDavide esetsheliwe ukuthi u-Uriya akehlelanga endlini yakhe, uDavide wathi ku-Uriya: “Awubuyi ekuhambeni yini? Awehlelanga ngani endlini yakho na?”