1 UJehova wayesethuma uNathani kuDavide. Wafika kuye, wathi kuye: “Kwakukhona amadoda amabili emzini munye, enye icebile, enye impofu.
2 Ecebileyo yayinezimvu nezinkomo eziningi kakhulu,
3 kepha empofu yayingenalutho, inexhukazana lilinye elincane nje kuphela, eyayilithengile yalondla; lakhulela kuyo nakubantwana bayo; ladla ucezu lwayo, laphuza esitsheni sayo, lalala esifubeni sayo, lalinjengendodakazi kuyo.
4 “Kwase kufika isihambi endodeni ecebileyo, yayeka ukuthatha ezimvini nasezinkomeni zayo ukusilungisela leso sihambi esasifike kuyo, kepha yathatha ixhukazana lendoda empofu, yalilungisela umuntu owayefike kuyo.”
5 Intukuthelo kaDavide yavutha kakhulu ngalowo muntu, wathi kuNathani: “Kuphila kukaJehova, umuntu owenze lokho ufanele ukufa;
6 uyakulibuyisa ixhukazana, liphindwe kane, ngokuba enze lokho nangokuba wayengenasihawu.”
7 UNathani wathi kuDavide: “Nguwe lowo muntu. Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngakugcoba ube yinkosi phezu kuka-Israyeli, ngakophula esandleni sikaSawule,