22 Wathi-ke yena: “Umntwana esekhona ngazila ukudla, ngakhala, ngokuba ngathi: Ngubani owaziyo ingabe uJehova uyakuba nomusa kimi ukuba umntwana aphile na?
23 Manje usefile; ngiyakuzilelani na? Ngingambuyisa yini? Ngiyakuya kuye, kepha yena akayikubuyela kimi.”
24 UDavide wamduduza uBati Sheba umkakhe, wangena kuye, walala naye; wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSolomoni. UJehova wamthanda.
25 Wathuma ngesandla sikaNathani umprofethi, wambiza ngokuthi uJedidiya* ngenxa kaJehova.
26 UJowabe walwa neRaba labantwana bakwa-Amoni, wathatha umuzi wenkosi.
27 UJowabe wathuma izithunywa kuDavide, wathi: “Ngilwe neRaba, yebo, ngathatha uMuzi Wamanzi.
28 Ngalokho butha abantu abaseleyo, umise ngakuwo umuzi, uwuthathe, funa mina ngiwuthathe umuzi, ubizwe ngegama lami.”