23 Manje usefile; ngiyakuzilelani na? Ngingambuyisa yini? Ngiyakuya kuye, kepha yena akayikubuyela kimi.”
24 UDavide wamduduza uBati Sheba umkakhe, wangena kuye, walala naye; wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSolomoni. UJehova wamthanda.
25 Wathuma ngesandla sikaNathani umprofethi, wambiza ngokuthi uJedidiya* ngenxa kaJehova.
26 UJowabe walwa neRaba labantwana bakwa-Amoni, wathatha umuzi wenkosi.
27 UJowabe wathuma izithunywa kuDavide, wathi: “Ngilwe neRaba, yebo, ngathatha uMuzi Wamanzi.
28 Ngalokho butha abantu abaseleyo, umise ngakuwo umuzi, uwuthathe, funa mina ngiwuthathe umuzi, ubizwe ngegama lami.”
29 UDavide wayesebutha bonke abantu, waya eRaba, walwa nalo, walithatha.