10 Wayesethi u-Amnoni kuTamari: “Letha ukudla ekamelweni lami ukuba ngidle esandleni sakho.” UTamari wawathatha amaqebelengwane awenzileyo, wawangenisa ekamelweni ku-Amnoni umnewabo.
11 Lapho ewasondeza kuye ukuba awadle, wambamba, wathi kuye: “Woza ulale nami, dadewethu.”
12 Yena wathi kuye: “Qha, mnewethu, ungangiphoqi, ngokuba akufanele ukuba kwenziwe kanjalo kwa-Israyeli; ungenzi lobu buwula.
13 Mina-ke ngingayaphi nehlazo lami na? Nawe uyakuba njengomunye weziwula zakwa-Israyeli. Ngalokho ake ukhulume nenkosi, ngokuba ayiyikunginqabela nawe.”
14 Akavumanga nokho ukulalela izwi lakhe, kepha ngokuba wayenamandla kunaye, wamphoqa, walala naye.
15 U-Amnoni wayesemzonda ngenzondo enkulu kakhulu, ngokuba inzondo amzonda ngayo yaba nkulu kunothando akade emthanda ngalo. U-Amnoni wathi kuye: “Vuka uhambe.”
16 Yena wayesethi kuye: “Lobu bubi bokungixosha bukhulu kunalokho okunye okwenze kimi.” Kepha akavumanga ukumlalela.