32 UJonadaba indodana kaShimeya umfowabo kaDavide waphendula wathi: “Inkosi yami mayingathi babulele izinsizwa zonke, amadodana enkosi, lokhu ngu-Amnoni yedwa ofileyo; ngokuba lokho kwakunqunyiwe ngomlomo ka-Abisalomu kusukela kulolo suku aphoqa ngalo udadewabo uTamari.
33 Ngalokho inkosi yami, inkosi, mayingabeki le nto enhliziyweni yayo yokuthi onke amadodana enkosi afile, ngokuba ngu-Amnoni yedwa ofileyo.”
34 Kepha u-Abisalomu wabaleka. Insizwa elindayo yaphakamisa amehlo ayo, yabuka; bheka, kwaqhamuka abantu abaningi ngasendleleni yentaba emva kwayo.
35 UJonadaba wathi enkosini: “Bheka, amadodana enkosi ayeza; kunjalo njengokusho kwenceku yakho.”
36 Kwathi eseqedile ukukhuluma, bheka, afika amadodana enkosi, adazuluka, akhala; nenkosi nazo zonke izinceku zayo zakhala ngokukhala okukhulu kakhulu.
37 Kepha u-Abisalomu wabaleka, waya kuTalimayi indodana ka-Amihudi, inkosi yaseGeshuri. UDavide walilela indodana yakhe zonke izinsuku.
38 Wabaleka-ke u-Abisalomu, waya eGeshuri, wahlala khona iminyaka emithathu.