24 Inkosi yathi: “Makaye endlini yakhe, angaboni nokho ubuso bami.” Wayeseya u-Abisalomu endlini yakhe, akabubona ubuso benkosi.
25 Kwa-Israyeli wonke kwakungekho muntu omuhle njengo-Abisalomu owababazeka kakhulu, kungekho sici kuye kusukela ematheni onyawo kuze kube sokhakhayini.
26 Nxa ephucula ikhanda lakhe ngokuba wayelokhu eliphucula njalo ngasekupheleni komnyaka, lokhu izinwele zakhe zamsinda; ngalokho waziphucula wazilinganisa izinwele zekhanda lakhe, zalingana namashekeli* angamakhulu amabili ngesisindo senkosi.
27 U-Abisalomu wazalelwa amadodana amathathu nendodakazi inye egama layo linguTamari; yayingowesifazane obukeka emuhle.
28 U-Abisalomu wahlala eJerusalema iminyaka emibili epheleleyo, engabuboni ubuso benkosi.
29 U-Abisalomu wayesethumela kuJowabe ukuba amthume enkosini, kepha akavumanga ukuza kuye; waphinda wathumela ngokwesibili, kepha akavumanga ukuza.
30 Wayesethi ezincekwini zakhe: “Bhekani, insimu kaJowabe iseduze neyami, unebhali* khona; hambani niyithungele ngomlilo.” Izinceku zika-Abisalomu zayithungela-ke insimu ngomlilo.