33 UDavide wathi kuye: “Uma uhamba nami, uyakuba ngumthwalo kimi;
34 kepha uma ubuyela emzini, uthi ku-Abisalomu: ‘Ngiyakuba yinceku yakho, nkosi; kade ngiyinceku kayihlo, manje ngiyakuba yinceku yakho,’ khona uyakungishafisela amasu ka-Ahithofeli.
35 Abakho lapho nawe oSadoki no-Abiyathara abapristi na? Kuyakuthi konke okuzwayo endlini yenkosi ukutshele oSadoki no-Abiyathara abapristi.
36 Bheka, kukhona lapho nabo amadodana abo amabili, o-Ahimahasi indodana kaSadoki noJonathani indodana ka-Abiyathara; niyakuthuma kimi ngesandla sabo konke eniyakukuzwa.”
37 UHushayi, umngane kaDavide, wayesengena emzini; u-Abisalomu wangena eJerusalema.