1 UDavide wabala abantu ababe naye, wabeka phezu kwabo izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu.
2 UDavide wamukisa abantu, inxenye yesithathu iphansi kwesandla sikaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika-Abishayi indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika-Ithayi umGiti. Inkosi yathi kubantu: “Nami ngiyakuphuma nokuphuma nani.”
3 Kepha abantu bathi: “Awuyikuphuma, ngokuba uma sibaleka, abayikusinakekela; noma kufa inxenye yethu, abayikusikhathalela, kepha wena unjengezinkulungwane eziyishumi zethu; ngalokho kuhle ukuba usisize usemzini.”
4 Yayisithi inkosi kubo: “Okuhle emehlweni enu ngiyakukwenza.” Inkosi yema ngaseceleni kwesango, bonke abantu baphuma ngamakhulu nangezinkulungwane.