10 Umuntu othile wakubona, wamtshela uJowabe, wathi: “Bheka, ngibone u-Abisalomu ephanyekekile e-okini.”*
11 UJowabe wathi kumuntu omtshelileyo: “Bheka, ukubonile, awumjuqanga ngani khona, awele phansi, na? Nga ngikunikile izinhlamvu eziyishumi zesiliva nebhande.”*
12 Wathi-ke umuntu kuJowabe: “Noma bengiyakukhokhelwa izinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva esandleni sami, nokho bengingayikuselulela isandla sami endodaneni yenkosi, ngokuba ezindlebeni zethu inkosi yakuyala wena no-Abishayi no-Ithayi ukuthi: ‘Yilondeni insizwa u-Abisalomu.’
13 Uma bengisebenzile inkohliso ngokuphila kwakhe, njengokuba kungekho nto efihlwa enkosini, nawe uqobo ngabe umelene nami.”
14 Wayesethi uJowabe: “Anginakulibala kanje nawe.” Wathatha imikhonto emithathu ngesandla sakhe, wambhokoda u-Abisalomu enhliziyweni esezwa, ephakathi kwe-oki.*
15 Izinsizwa eziyishumi ezaziphethe izikhali zikaJowabe zamzungeza, zamshaya u-Abisalomu, zambulala.
16 UJowabe wayesebetha icilongo, abantu babuya ekumxosheni u-Israyeli, ngokuba uJowabe wabagodla abantu.