12 Wathi-ke umuntu kuJowabe: “Noma bengiyakukhokhelwa izinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva esandleni sami, nokho bengingayikuselulela isandla sami endodaneni yenkosi, ngokuba ezindlebeni zethu inkosi yakuyala wena no-Abishayi no-Ithayi ukuthi: ‘Yilondeni insizwa u-Abisalomu.’
13 Uma bengisebenzile inkohliso ngokuphila kwakhe, njengokuba kungekho nto efihlwa enkosini, nawe uqobo ngabe umelene nami.”
14 Wayesethi uJowabe: “Anginakulibala kanje nawe.” Wathatha imikhonto emithathu ngesandla sakhe, wambhokoda u-Abisalomu enhliziyweni esezwa, ephakathi kwe-oki.*
15 Izinsizwa eziyishumi ezaziphethe izikhali zikaJowabe zamzungeza, zamshaya u-Abisalomu, zambulala.
16 UJowabe wayesebetha icilongo, abantu babuya ekumxosheni u-Israyeli, ngokuba uJowabe wabagodla abantu.
17 Bamthatha u-Abisalomu, bamlahla emgodini omkhulu ehlathini, babeka phezu kwakhe inqwaba enkulu kakhulu yamatshe; bonke abakwa-Israyeli, kwaba yilowo nalowo, babalekela ematendeni abo.
18 U-Abisalomu esekhona wayethathe insika, wazimisela yona esiGodini seNkosi, ngokuba wathi: “Anginandodana yokukhumbuzela igama lami.” Wayiqamba insika ngegama lakhe; ithiwa isikhumbuzo sika-Abisalomu kuze kube namuhla.