4 Yayisithi inkosi kubo: “Okuhle emehlweni enu ngiyakukwenza.” Inkosi yema ngaseceleni kwesango, bonke abantu baphuma ngamakhulu nangezinkulungwane.
5 Inkosi yabayaleza oJowabe no-Abishayi no-Ithayi, yathi: “Anoyiphatha kahle insizwa ngenxa yami, ngisho u-Abisalomu.” Bonke abantu bezwa, lapho inkosi iyaleza zonke izinduna ngo-Abisalomu.
6 Base bephumela endle ukulwa no-Israyeli, kwaliwa ehlathini lakwa-Efrayimi.
7 Abantu bakwa-Israyeli banqotshwa lapho phambi kwezinceku zikaDavide, kwakukhona ukubulalana okukhulu ngalolo suku, abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili.
8 Ngokuba impi yahlakazeka khona ezweni lonke, ihlathi laqeda abantu abaningi ngalolo suku kunabadliwa yinkemba.
9 U-Abisalomu wasuka wahlangana nezinceku zikaDavide. U-Abisalomu wayekhwele umnyuzi* wakhe, umnyuzi wangena phansi kwehlozi le-oki,* ikhanda lakhe labambelela e-okini, waphakanyiselwa emkhathini wezulu nomhlaba; umnyuzi obuphansi kwakhe wadlula.
10 Umuntu othile wakubona, wamtshela uJowabe, wathi: “Bheka, ngibone u-Abisalomu ephanyekekile e-okini.”*