16 Zabambana ngekhanda, zagwaza ngenkemba ohlangothini lwezimelene nazo, zawa kanyekanye; ngalokho leyo ndawo yabizwa ngokuthi iHelikati Hasurimi eliseGibeyoni.
17 Kwakuyimpi enzima ngalolo suku; u-Abineri wahlulwa kanye nabantu bakwa-Israyeli phambi kwezinceku zikaDavide.
18 Amadodana amathathu kaSeruya ayelapho, oJowabe, no-Abishayi, no-Asaheli; u-Asaheli wayenezinyawo ezilula njengensephe.
19 U-Asaheli wamxosha u-Abineri; ekuhambeni kwakhe akachezukanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo ekumlandeleni u-Abineri.
20 U-Abineri wabheka emuva, wathi: “Ungu-Asaheli na?”Wathi: “Yimi.”
21 U-Abineri wayesethi kuye: “Chezukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ubambe enye yezinsizwa, uthathe izikhali zakhe.” Kepha u-Asaheli akavumanga ukuchezuka ekumlandeleni.
22 U-Abineri wabuye wathi ku-Asaheli: “Chezuka ekungilandeleni; yini ukuba ngikucekele phansi na? Ngingaphakamisa kanjani ubuso bami ngakuJowabe umfowenu na?”