25 Abantwana bakwaBenjamini babuthana emva kuka-Abineri, baba yiviyo linye, bema esiqongweni segquma elithile.
26 U-Abineri wayesememeza kuJowabe, wathi: “Inkemba iyakudla njalonjalo na? Awazi yini ukuthi kuyakuba khona umunyu ekugcineni na? Koze kube nini ungabayali abantu ukuba babuye ekubalandeleni abafowabo na?”
27 UJowabe wathi: “Kuphila kukaNkulunkulu, uma ubungakhulumanga, ngempela abantu bonke bebeyakube sebenyukile kusasa ekuxosheni abafowabo.”
28 UJowabe wayesebetha icilongo; bonke abantu bema, ababe besamxosha u-Israyeli, futhi ababe besalwa.
29 U-Abineri nabantu bakhe badabula i-Araba bonke lobo busuku, bawela iJordani, badabula lonke iBitroni, bafika eMahanayimi.
30 UJowabe wabuya ekumxosheni u-Abineri; lapho esebuthile bonke abantu, kwasilala kuzo izinceku zikaDavide abantu abayishumi nesishiyagalolunye no-Asaheli.
31 Kepha izinceku zikaDavide zazibulele abakwaBenjamini nabaka-Abineri, kwafa abantu abangamakhulu amathathu namashumi ayisithupha.