8 Besesetsheni elikhulu eliseGibeyoni, u-Amasa wafika ukubahlangabeza. UJowabe wayebhince isambatho sakhe sokulwa ayelokhu esigqoka; kusona lalikhona ibhande* elinenkemba emgodleni wayo elaligaxwe okhalweni lwakhe; yawa esehamba.
9 UJowabe wayesethi ku-Amasa: “Usaphila, mfowethu, na?” UJowabe wambamba u-Amasa ngesilevu ngesandla sakhe sokunene ukuba amange.
10 Kodwa u-Amasa akayinakanga inkemba eyayisesandleni sikaJowabe; wamgwaza ngayo esiswini, wachithela izibilini zakhe emhlabathini; wafa engamphindanga. OJowabe no-Abishayi umfowabo bamxosha uSheba indodana kaBikri.
11 Kwema ngakuye enye yezinsizwa zikaJowabe, yathi: “Omthanda uJowabe nongokaDavide mabamlandele uJowabe.”
12 U-Amasa wahuquzela egazini lakhe phakathi nomendo. Lapho lo muntu ebona ukuthi bonke abantu bema, wamgudluza u-Amasa emendweni, wamyisa ensimini, waphonsa ingubo phezu kwakhe, lapho ebona ukuthi bonke abadlula ngakuye bema.
13 Esesusiwe emendweni, abantu bonke badlula bamlandela uJowabe ukuba bamxoshe uSheba indodana kaBikri.
14 Wadabula izizwe zonke zakwa-Israyeli, waze wafika e-Abela, naseBeti Mahakha, nakuwo onke amaBeri; babuthana bamxosha nakhona.