19 Bangihlasela ngosuku lwesigemegemesami,kepha uJehova waba yinsika yami.
20 Wangiphumisela endaweni ebanzi:wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.
21 “UJehova wangivuza ngokokulungakwami;wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.
22 Ngokuba ngizigcinile izindlelazikaJehova;angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.
23 Ngokuba yonke imithetho yakheyayiphambi kwami,nezimiso zakhe angizivumanga ukuba zisuke kimi.
24 Ngangiphelele kuye;ngabuxwaya ububi.
25 UJehova wayesebuyisela kiminjengokulunga kwami,njengokuhlanzeka kwami phambi kwamehlo akhe.