1 Lawa angamazwi okugcina kaDavide.“UDavide indodana kaJese uthi,umuntu owaphakanyiselwa phezulu uthi,ogcotshiweyo kaNkulunkulu kaJakobenomhlabeleli omnandi wakwa-Israyeli usho ukuthi:
2 “UMoya kaJehova wakhuluma ngami;izwi lakhe lalisolimini lwami.
3 UNkulunkulu ka-Israyeli wathi,iDwala lika-Israyeli lakhuluma kimi ukuthi:‘Obusa abantu ngokulunga,abuse ngokumesaba uNkulunkulu,
4 unjengokukhanya kwasekuseniekuphumeni kwelanga,isasa elingenamafu,lapho kuvela ekukhanyeni uhlazaemhlabathini emva kwemvula.’
5 “Ayinjalo indlu yami kuNkulunkuluna?Ngokuba wenzile nami isivumelwano esiphakade;sihleliwe ezintweni zonke, sigcinekile,ngokuba yonke insindiso yami nokwenama kwamiakayikukuhlumisa na?