10 wasuka wabulala amaFilisti saze sakhathala isandla sakhe, isandla sakhe sanamathela enkembeni; uJehova wenza insindiso enkulu ngalolo suku; abantu babuya emva kwakhe ukuba baphange kuphela.
11 Emva kwakhe kwakunguShama indodana ka-Age umHarari. AmaFilisti ayebuthene eLehi, lapho kwakukhona isiqephu sezwe esigcwele imbumba; abantu babaleka ebusweni bamaFilisti.
12 Kepha wayemi phakathi nesiqephu, wasivikela, wawabulala amaFilisti; uJehova wenza insindiso enkulu.
13 Kwehla abathathu kwaba yizinhloko ezingamashumi amathathu, bafika kuDavide ngesikhathi sokuvuna emhumeni wase-Adulamu; impi yamaFilisti yayimise esiGodini samaRefa.
14 UDavide wayesesenqabeni; ikhanda lamaFilisti laliseBetlehema.
15 UDavide wanxanela, wathi: “Hawu, sengathi ngingaphuziswa amanzi asemthonjeni waseBetlehema ongasesangweni.”
16 Lawo maqhawe amathathu afohla ikamu* lamaFilisti, akha amanzi emthonjeni waseBetlehama owawungasesangweni, awathatha, awaletha kuDavide; kepha akavumanga ukuwaphuza, kodwa wawathululela uJehova.