2 “UMoya kaJehova wakhuluma ngami;izwi lakhe lalisolimini lwami.
3 UNkulunkulu ka-Israyeli wathi,iDwala lika-Israyeli lakhuluma kimi ukuthi:‘Obusa abantu ngokulunga,abuse ngokumesaba uNkulunkulu,
4 unjengokukhanya kwasekuseniekuphumeni kwelanga,isasa elingenamafu,lapho kuvela ekukhanyeni uhlazaemhlabathini emva kwemvula.’
5 “Ayinjalo indlu yami kuNkulunkuluna?Ngokuba wenzile nami isivumelwano esiphakade;sihleliwe ezintweni zonke, sigcinekile,ngokuba yonke insindiso yami nokwenama kwamiakayikukuhlumisa na?
6 Kepha onke amashinga ayakubanjengameva alahlwayo,ngokuba angephathwe ngesandla.
7 Kodwa umuntu owathintayowohlonyiswa ngensimbi nangothi lomkhonto,aze ashiswe nokushiswa ngomlilo kuleyo ndawo.”
8 Lawa angamagama amaqhawe kaDavide: UJoshebi Bashebeti waseTahekemoni, inhloko yabathathu; nguyena owaphakamisa umkhonto wakhe, walwa nabantu abangamakhulu ayisishiyagalombili abagwazwa ngasikhathi sinye.