15 UJehova wayesethuma isifo phezu kuka-Israyeli kusukela ekuseni kuze kube sesikhathini esinqunyiweyo; kwafa abantu abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba.
16 Lapho ingelosi yelula isandla sayo kulo iJerusalema ukulichitha, uJehova wazisola ngalobo bubi, wathi engelosini eyachitha abantu: “Sekwanele; buyisa isandla sakho.” Ingelosi kaJehova yayisesibuyeni sika-Arawuna umJebusi.
17 UDavide wathi kuJehova, lapho eyibona ingelosi eyayibabulala abantu: “Bheka, mina ngonile, ngenzile okubi; kepha lezi zimvu zenzeni na? Isandla sakho masibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa.”
18 UGadi wafika ngalolo suku kuDavide, wathi kuye: “Yenyuka, ummisele uJehova i-altare esibuyeni sika-Arawuna umJebusi.”
19 UDavide wenyuka njengokusho kukaGadi nanjengokuyala kukaJehova.
20 U-Arawuna walunguza, wabona inkosi nezinceku zayo beza kuye; u-Arawuna waphuma, wakhothama phambi kwenkosi, ubuso bakhe bubheke phansi.
21 Wathi u-Arawuna: “Kungani ukuba inkosi yami, inkosi, ifikile encekwini yayo na?”UDavide wathi: “Ukuba ngithenge kuwe isibuya, ngimakhele uJehova i-altare, ukuze lesi sifo sinqamuke kubantu.”