1 Kwakukhona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide; uDavide waqhubeka ngokuqina njalo, kepha indlu kaSawule yaqhubeka ngokuncipha njalo.
2 Kwazalelwa uDavide amadodana eHebroni; izibulo lakhe laba ngu-Amnoni ku-Ahinohama waseJizreyeli;
3 eyesibili yaba nguKileyabi ku-Abigayili umkaNabali waseKarmeli; eyesithathu yayingu-Abisalomu indodana kaMahakha indodakazi kaTalimyi inkosi yaseGeshuri;
4 eyesine yayingu-Adoniya indodana kaHagiti; eyesihlanu yayinguShefathiya indodana ka-Abithali;
5 eyesithupha yayingu-Itereyamu ku-Egila umkaDavide. Lawo azalelwa uDavide eHebroni.
6 Kwathi kusekhona ukulwa phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide, u-Abineri wamela indlu kaSawule ngamandla.
7 Kepha uSawule wayenesancinza esigama laso lalinguRispa indodakazi ka-Aya. U-Ishi Bosheti wayesethi ku-Abineri: “Ungeneleni kuso isancinza sikababa na?”