24 UJowabe wayeseya enkosini, wathi: “Wenzeni na? Bheka, u-Abineri wafika kuwe; ummukiseleni wahamba nokuhamba na?
25 Uyamazi u-Abineri indodana kaNeri ukuthi wafika ukukukhohlisa nokwazi ukuphuma kwakho nokungena kwakho, nokwazi konke okwenzayo.”
26 UJowabe esephumile kuDavide wathuma izithunywa ukulandela u-Abineri, zambuyisa emthonjeni waseSira, kepha uDavide wayengakwazi lokho.
27 U-Abineri esebuyele eHebroni, uJowabe wamchezukisela phakathi kwesango ukuba akhulume naye bebodwa, wamgwaza lapho esiswini waze wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.
28 Esekuzwa lokho ngasemuva uDavide wathi: “Mina nombuso wami asinacala phambi kukaJehova kuze kube phakade ngegazi lika-Abineri indodana kaNeri;
29 maliwele ekhanda likaJowabe nakuyo yonke indlu kayise. Makungaphuthi endlini kaJowabe ukuba kube khona ocucuzayo, nonochoko, nozimelelayo ngodondolo, nowayo ngenkemba, noswele isinkwa.”
30 OJowabe no-Abishayi umfowabo base bembulele u-Abineri, ngokuba wayebulele umfowabo u-Asaheli eGibeyoni empini.