30 OJowabe no-Abishayi umfowabo base bembulele u-Abineri, ngokuba wayebulele umfowabo u-Asaheli eGibeyoni empini.
31 UDavide wathi kuJowabe nakubantu bonke ababe naye: “Klebhulani izingubo zenu, nibhince indwangu yamasaka, nilile phambi kuka-Abineri.” Inkosi uDavide yalandela uhlaka.
32 Bammbela u-Abineri eHebroni; inkosi yadazuluka, yakhala ngasethuneni lika-Abineri; nabantu bonke bakhala.
33 Inkosi yamlilela u-Abineri, yathi:“Afe u-Abineri njengokufa kwesiwula na?
34 Izandla zakho zazingaboshiwe,nezinyawo zakho zazingafakwanga emaketangeni;wawa njengomuntu owayo phambi kwabantu ababi.”Bonke abantu baphinda bemkhalela.
35 Bonke abantu bafika ukuba bamdlise uDavide isinkwa kusesemini; kepha uDavide wafunga wathi: “Makenze njalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ngidla isinkwa noma okunye lingakashoni ilanga.”
36 Bonke abantu bakubona, kwaba kuhle emehlweni abo, njengalokho konke eyakwenza inkosi kwaba kuhle emehlweni abantu bonke.