7 Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza, uNkulunkulu wamshaya lapho ngenxa yesiphosiso sakhe; wafela khona ngasemphongolweni kaNkulunkulu.
8 UDavide wadabuka ngokuba uJehova emhlasele u-Uza, wayibiza leyo ndawo ngokuthi iPheresi-Uza* kuze kube namuhla.
9 UDavide wamesaba uJehova ngalolo suku. Wathi: “Umphongolo kaJehova uyakuza kanjani kimi na?”
10 Ngalokho uDavide akavumanga ukuwuletha umphongolo kaJehova kuye emzini kaDavide, kepha uDavide wawubuyisela eceleni endlini ka-Obede Edomi umGiti.
11 Umphongolo kaJehova wahlala endlini ka-Obede Edomi umGiti izinyanga ezintathu; uJehova wambusisa u-Obede Edomi nendlu yakhe yonke.
12 Kwatshelwa inkosi uDavide ukuthi uJehova ubusisile indlu ka-Obede Edomi nakho konke okwakhe ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. UDavide wahamba wenyusa umphongolo kaNkulunkulu endlini ka-Obede Edomi, wawuyisa emzini kaDavide ngokujabula.
13 Kwakuthi ababethwele umphongolo kaJehova sebehambile izinyathelo eziyisithupha, wahlaba inkabi nethole elikhuluphalisiweyo.