3 UNathani wathi enkosini: “Hamba wenze konke okusenhliziyweni yakho, ngokuba uJehova unawe.”
4 Kepha kwathi ngalobo busuku izwi likaJehova lafika kuNathani, lathi:
5 “Hamba uyitshele inceku yami uDavide ukuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Uyakungakhela indlu ukuba ngihlale kuyo na?
6 Ngokuba angihlalanga ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo abantwana bakwa-Israyeli eGibithe kuze kube namuhla, kepha ngangilokhu ngihamba etendeni nasetabernakele.*
7 Ezindaweni zonke engihambahambe kuzo nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli ngake ngakhuluma yini izwi noma kusiphi isizwe sakwa-Israyeli engasiyaleza ukwalusa abantu bami u-Israyeli ukuthi: “Aningakhelanga ngani indlu yemisedari* na?” ’
8 “Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami uDavide, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Mina ngakuthatha edlelweni ekwaluseni izimvu ukuba ube ngumbusi wabantu bami kwa-Israyeli;
9 nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, nganquma zonke izitha zakho ngaphambi kwakho; ngiyakukwenza igama elikhulu njengegama labakhulu abasemhlabeni.