6 Ngokuba angihlalanga ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo abantwana bakwa-Israyeli eGibithe kuze kube namuhla, kepha ngangilokhu ngihamba etendeni nasetabernakele.*
7 Ezindaweni zonke engihambahambe kuzo nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli ngake ngakhuluma yini izwi noma kusiphi isizwe sakwa-Israyeli engasiyaleza ukwalusa abantu bami u-Israyeli ukuthi: “Aningakhelanga ngani indlu yemisedari* na?” ’
8 “Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami uDavide, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Mina ngakuthatha edlelweni ekwaluseni izimvu ukuba ube ngumbusi wabantu bami kwa-Israyeli;
9 nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, nganquma zonke izitha zakho ngaphambi kwakho; ngiyakukwenza igama elikhulu njengegama labakhulu abasemhlabeni.
10 Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale ukuba bahlale endaweni yabo, bangabe besanyakaziswa; futhi abantu ababi abasayikubahlupha njengakuqala,
11 kusukela osukwini engayaleza ngalo abahluleli ukuba babe phezu kwabantu bami u-Israyeli, ngikuphumuze ezitheni zakho zonke. Futhi uJehova uyakutshela ukuthi uJehova uyakukwenzela wena indlu.
12 Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelile, ube usulele koyihlo, ngiyakumisa inzalo yakho emva kwakho eyakuphuma ezibilinini zakho, ngiqinise umbuso wayo.