1 Kwathi emva kwalokho uDavide wawashaya amaFilisti, wawahlula, wathatha itomu lomzimkhulu esandleni samaFilisti.
2 Washaya nabakwaMowabi, wabalinganisa ngentambo, wabalalisa emhlabathini, wabalinganisa ngezintambo ezimbili abayakubulawa nangentambo epheleleyo abayakusindiswa. AbakwaMowabi base beba yizinceku zikaDavide, bathela intela.
3 UDavide wamshaya uHadadezeri indodana kaRehobe, inkosi yaseSoba, ekuhambeni kwakhe ukubuyisa umbuso wakhe ngasemfuleni.
4 UDavide wamaphuca abamahhashi abayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.