17 Ngalokho ake nithethelele isono sami ngalesi sikhathi esisodwa nje, nincenge uJehova uNkulunkulu wenu ukuba asuse kimi lokhu kufa kuphela.”
18 Waphuma kuFaro, wamncenga uJehova.
19 UJehova wayesewuphendula umoya waba ngowasentshonalanga onamandla amakhulu; wona wasusa isikhonyane, wasilahla eLwandle Olubomvu; akwasala sikhonyane nesisodwa ezweni lonke laseGibithe.
20 Kepha uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuba bahambe.
21 UJehova wayesethi kuMose: “Yelula isandla sakho ngasezulwini ukuba kube khona ubumnyama ezweni laseGibithe obuphatheka ngesandla.”
22 UMose wayeseselula isandla sakhe ngasezulwini; kwaba khona isigayegaye esinzima ezweni lonke laseGibithe izinsuku ezintathu.
23 Ababonananga; akusukanga muntu endaweni yakhe izinsuku zaze zaba ntathu; kepha kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli kwakukhona ukukhanya emakhaya abo.