U-Eksodusi
Izahluko 10:17-23
Ibhayibheli Elingcwele
17Ngalokho ake nithethelele isono sami ngalesi sikhathi esisodwa nje, nincenge uJehova uNkulunkulu wenu ukuba asuse kimi lokhu kufa kuphela.”
18Waphuma kuFaro, wamncenga uJehova.
19UJehova wayesewuphendula umoya waba ngowasentshonalanga onamandla amakhulu; wona wasusa isikhonyane, wasilahla eLwandle Olubomvu; akwasala sikhonyane nesisodwa ezweni lonke laseGibithe.
20Kepha uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuba bahambe.
21UJehova wayesethi kuMose: “Yelula isandla sakho ngasezulwini ukuba kube khona ubumnyama ezweni laseGibithe obuphatheka ngesandla.”
22UMose wayeseselula isandla sakhe ngasezulwini; kwaba khona isigayegaye esinzima ezweni lonke laseGibithe izinsuku ezintathu.
23Ababonananga; akusukanga muntu endaweni yakhe izinsuku zaze zaba ntathu; kepha kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli kwakukhona ukukhanya emakhaya abo.