U-Eksodusi 19 ZUL59

Ukufika eSinayi

1 Ngenyanga yesithathu emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngalona lolo suku, bafika ehlane laseSinayi.

2 Sebesukile eRefidimi, befike ehlane laseSinayi, bamisa ehlane; u-Israyeli wahlala khona phambi kwentaba.

3 UMose wakhuphukela kuNkulunkulu; uJehova esentabeni wamemeza kuye, wathi: “Yisho kuyo indlu kaJakobe, ubatshele abantwana bakwa-Israyeli, uthi:

4 ‘Nibonile lokhu engikwenzile kwabaseGibithe nokuthi nganithwala ngamaphiko okhozi, nganisondeza kimi.

5 Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba yigugu kimi kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami,

6 nibe ngumbuso wabapristi kimi, nesizwe esingcwele. Yilawo mazwi ozakuwakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli.’ ”

7 UMose wafika, wabiza amalunga abantu, wabeka phambi kwabo onke lawo mazwi uJehova amyale ngawo.

8 Bonke abantu baphendula kanyekanye, bathi: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza.” UMose wabuyisela kuJehova amazwi abantu.

9 UJehova wathi kuMose: “Bheka, ngiza kuwe ngefu elinzima ukuba abantu bezwe, nxa ngikhuluma nawe, bakholwe nguwe kuze kube phakade.” UMose walandisa uJehova amazwi abantu.

10 UJehova wayesethi kuMose: “Hamba uye kubantu, ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izingubo zabo,

11 babe sebelungile ngosuku lwesithathu; ngokuba ngosuku lwesithathu uJehova uyakwehlela entabeni yaseSinayi emehlweni abantu bonke.

12 Wena-ke wobamisela abantu umkhawulo nxazonke, uthi: ‘Xwayani ukuba ningakhuphukeli entabeni, ningathinti umkhawulo wayo. Lowo othinta intaba uyakubulawa impela;

13 makangaphathwa ngesandla, kepha impela uyakukhandwa ngamatshe nokuba ahlatshwe ngemicibisholo; noma kuyinkomo noma kungumuntu, akuyikuphila.’ Nxa icilongo likhala linganqamuki, bayakukhuphukela entabeni.”

14 UMose wehla entabeni, wabuyela kubantu, wabangcwelisa abantu; bahlanza-ke izingubo zabo.

15 Wayesethi kubantu: “Anoba senilungile ngosuku lwesithathu; ningasondeli kowesifazane.”

16 Kwathi ngosuku lwesithathu sekusile, kwaba khona ukuduma nokunyazima kombani, nefu elinzima phezu kwentaba, nezwi lecilongo elizwakala kakhulu; bonke abantu abasekamu* bathuthumela.

17 UMose wayesebakhipha abantu ekamu* ukuba bahlangane noNkulunkulu; bema phansi kwentaba.

18 Yonke intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo ngomlilo; umusi wayo wenyuka njengomusi wesithando; intaba yonke yazamazama kakhulu.

19 Kwathi izwi lecilongo lalilokhu lizwakala kakhulu kunakuqala; uMose wakhuluma, uNkulunkulu wamphendula ngezwi elikhulu.

20 UJehova wehlela phezu kwentaba yaseSinayi esiqongweni sentaba; uJehova wambiza uMose ukuba eze esiqongweni sentaba; uMose wakhuphuka-ke.

21 UJehova wayesethi kuMose: “Yehla, ubaxwayise abantu, funa bafohle ukuba babone uJehova, kufe abaningi kubo.

22 Nabapristi abasondela kuJehova mabazingcwelise, funa uJehova abadumele.”

23 UMose wathi kuJehova: “Abantu abanakukhuphukela entabeni yaseSinayi, ngokuba usiyalisisile, wathi: ‘Yimisele intaba umkhawulo, uyingcwelise.’ ”

24 Wayesethi uJehova kuye: “Hamba wehle, uze ubuye ukhuphuke, wena no-Aroni enawe; kepha abapristi nabantu mabangafohli, bakhuphukele kuJehova, funa abadumele.”

25 UMose wayesehla, waya kubantu, wabatshela.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40