U-Eksodusi 38 ZUL59

I-altare lomnikelo wokushiswa

1 Walenza i-altare lomnikelo wokushiswa ngomuthi womtholo; ubude balo babuyizingalo eziyisihlanu, nobubanzi balo babuyizingalo eziyisihlanu; laba nezinhlangothi ezine ezilingeneyo; nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezintathu.

2 Wazenza izimpondo zalo emagumbini alo omane, izimpondo zalo zazikunye nalo; walinameka ngethusi.

3 Wazenza zonke izinto ze-altare, amakhanzi, namafosholo, nezitsha, nezimfoloko, nemicengezi yomlilo; wazenza zonke izinto zalo ngethusi.

4 Walenzela i-altare ihele lethusi elenziwe njengenetha phansi kosiko oluzungeza i-altare ukuba lifinyelele ngaphakathi kwe-altare ukuya phezulu.

5 Wakhanda amasongo amane amagumbi omane ehele lethusi, abe yizindawo zezinti.

6 Wazenza izinti ngomuthi womtholo, wazinameka ngethusi.

7 Wazifaka izinti emasongweni ezinhlangothini ze-altare ukuba lithwalwe ngazo; walenza ngamapulangwe laba yigobongo.

8 Wawenza umcengezi wethusi nesinqe sawo ngethusi lezibuko zabesifazane abahlangana ukuyokhonza ngasemnyango wetende lokuhlangana.

Igceke

9 Walenza negceke; ngaseningizimu ohlangothini lwaseningizimu izilenge zegceke zaziyilineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, izingalo eziyikhulu.

10 Izinsika zazo zazingamashumi amabili, nezinyawo zazo zazingamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nezibopho zazo zaziyisiliva.

11 Ngasohlangothini lwasenyakatho yizingalo eziyikhulu, izinsika zazo zingamashumi amabili, nezinyawo zazo zingamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nemishayo yazo kwakuyisiliva.

12 Ngasohlangothini olungasentshonalanga izilenge zaziyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, izinsika zazo zaziyishumi, nezinyawo zazo zaziyishumi; izingwegwe zezinsika nemishayo yazo kwakuyisiliva.

13 Nangasempumalanga ngasohlangothini olungasempumalanga yizingalo ezingamashumi ayisihlanu.

14 Izilenge kwelinye icele lesango zaziyizingalo eziyishumi nanhlanu; izinsika zazo zazintathu, nezinyawo zazo zazintathu.

15 Kwaba njalo nakwelinye icele: ngalapha nangalapha kwesango legceke zazikhona izilenge eziyizingalo eziyishumi nanhlanu; izinsika zazo zazintathu, nezinyawo zazo zazintathu.

16 Zonke izilenge zegceke nxazonke zazingezelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo.

17 Izinyawo zezinsika zaziyithusi, izingwegwe zezinsika nemishayo yazo kwakuyisiliva; izihloko zazo zazinamekwe ngesiliva; zonke izinsika zegceke zazinesibopho sesiliva.

18 Iveli lesango legceke lalingumsebenzi womfekethisi ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nokuphakama ngokobubanzi bezilenge kwakuyizingalo eziyisihlanu ngokulingene nezilenge zegceke.

19 Izinsika zalo zazizine, nezinyawo zalo zazizine zethusi; izingwegwe zaziyisiliva, ukunamekwa kwezihloko nokwezibopho kwakuyisiliva.

20 Zonke izikhonkwane zetabernakele* nezegceke nxasonke zaziyithusi.

Imali yetabernakele* eyaqedwayo

21 Lokhu kuyimali yetabernakele,* itabernakele lobufakazi, njengokubalwa kwayo ngesiyalezo sikaMose, ngokubala kwamaLevi ngesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.

22 UBesaleli indodana ka-Uri kaHure, owesizwe sakwaJuda, wakwenza konke uJehova amyale ngakho uMose.

23 Wayeno-Oholiyabe indodana ka-Ahisamaki, owesizwe sakwaDani, umqophi nengcweti nomfekethisi ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo.

24 Lonke igolide okwasetshenzwa ngalo, wonke umsebenzi wendlu engcwele, igolide lomnikelo lalingamatalenta* angamashumi amabili nesishiyagalolunye namashekeli* angamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu ngokweshekeli lendlu engcwele.

25 Isiliva lababebalwa esizweni lalingamatalenta* ayikhulu namashekeli* ayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nanhlanu ngokweshekeli lendlu engcwele,

26 kwaba yilowo nalowo wanikela ngebeka* eliyinxenye yeshekeli* ngokweshekeli lendlu engcwele kubo bonke abadlulela kwababaliweyo abaneminyaka engamashumi amabili nangaphezulu, abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu.

27 Amatalenta* ayikhulu esiliva ayengawokukhanda izinyawo zendlu engcwele, nezinyawo zesihenqo, izinyawo eziyikhulu ngamatalenta ayikhulu, italenta ngonyawo.

28 Ngamashekeli* ayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nanhlanu wenza izingwegwe zezinsika, wanameka izihloko zazo, wazenzela izibopho.

29 Ithusi lomnikelo laba ngamatalenta* angamashumi ayisikhombisa namashekeli* ayizinkulungwane ezimbili namakhulu amane.

30 Wenza ngalo izinyawo zomnyango wetende lokuhlangana, ne-altare lethusi, nehele lalo lethusi, nezinto zonke ze-altare,

31 nezinyawo zegceke nxazonke, nezinyawo zesango legceke, nazo zonke izikhonkwane zetabernakele, nazo zonke izikhonkwane zegceke nxazonke.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40