U-Eksodusi
Izahluko 10:5-11
Ibhayibheli Elingcwele
5Siyakusibekela ubuso bomhlaba, ukuze kungabe kusabonwa mhlabathi; siyakudla okuseleyo okusindile, enikushiyelwe yisichotho, sidle yonke imithi enimilelayo endle.
6Izindlu zakho, nezindlu zezinceku zakho zonke, nezindlu zabo bonke abaseGibithe ziyakugcwaliswa yiso, abangazange basibone esinjalo oyihlo nawoyise bawoyihlo, selokhu bafika emhlabeni kuze kube namuhla.’ ” Waphenduka, waphuma kuFaro.
7Kepha izinceku zikaFaro zathi kuye: “Lo muntu uzakuba lugibe kuze kube nini na? Bavumele abantu ukuba bahambe bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo. Awukwazi ukuthi iGibithe seliyashabalala na?”
8OMose no-Aroni babuyiselwa kuFaro; wathi kubo: “Hambani nimkhonze uJehova uNkulunkulu wenu; kepha ngobani abazakuhamba na?”
9UMose wathi: “Siyakuhamba nabasha bethu, nabadala bethu, namadodana ethu, namadodakazi ethu, nezimvu zethu, nezinkomo zethu, ngokuba sinomkhosi kaJehova.”
10Wayesethi kubo: “Makabe nani-ke uJehova, njengokuba ngizakunivumela ukuba nihambe nezingane zenu; bhekani, ngokuba okubi kuphambi kwenu.
11Kungabi njalo; hambani nina madoda nimkhonze uJehova, ngokuba yikho enikufunayo.” Base bexoshwa ebusweni bukaFaro.