U-Eksodusi
Izahluko 10:8-14
Ibhayibheli Elingcwele
8OMose no-Aroni babuyiselwa kuFaro; wathi kubo: “Hambani nimkhonze uJehova uNkulunkulu wenu; kepha ngobani abazakuhamba na?”
9UMose wathi: “Siyakuhamba nabasha bethu, nabadala bethu, namadodana ethu, namadodakazi ethu, nezimvu zethu, nezinkomo zethu, ngokuba sinomkhosi kaJehova.”
10Wayesethi kubo: “Makabe nani-ke uJehova, njengokuba ngizakunivumela ukuba nihambe nezingane zenu; bhekani, ngokuba okubi kuphambi kwenu.
11Kungabi njalo; hambani nina madoda nimkhonze uJehova, ngokuba yikho enikufunayo.” Base bexoshwa ebusweni bukaFaro.
12UJehova wayesethi kuMose: “Yelula isandla sakho phezu kwezwe laseGibithe, kufike isikhonyane ukuba senyukele ezweni laseGibithe, sidle imifino yonke, konke okwashiywa yisichotho.”
13 UMose wayeselula induku yakhe phezu kwezwe laseGibithe; uJehova waletha umoya wasempumalanga ezweni ngalo lonke lolo suku nobusuku bonke; sekusile umoya wasempumalanga waletha isikhonyane.
14Isikhonyane senyukela ezweni lonke laseGibithe, sahlala ezweni lonke laseGibithe, sasinzima kakhulu; ngaphambi kwaso kwakungazange kube khona isikhonyane esingangaso, nangasemva kwaso asisayikuba khona esingangaso.