18 Ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa niyakudla isinkwa esingenamvubelo, kuze kufike usuku lwamashumi amabili nanye lwenyanga ngakusihlwa.
19 Izinsuku eziyisikhombisa akuyikutholakala mvubelo ezindlini zenu, ngokuba yilowo nalowo odlayo okuvutshelweyo yena uyakunqunywa ebandleni lakwa-Israyeli, noma engumfokazi noma engowokuzalwa ezweni.
20 Ningadli lutho oluvutshelweyo; ezindlini zenu zonke anodla isinkwa esingenamvubelo.’ ”
21 UMose wayesebiza amalunga akwa-Israyeli, wathi kuwo: “Hambani nizithathele amawundlu ngokwemindeni yenu, nihlabe iphasika.
22 Nothatha isithungu sehisopi,* nisicwilise egazini elisemcengezini, nibhece ikhothamo nezinsika zombili zomnyango ngegazi elisemcengezini; akuyikuphuma muntu emnyango waleyo ndlu kuze kube sekuseni.
23 Ngokuba uJehova uyakudabula ukuyoshaya abaseGibithe; nanxa ebona igazi elisekhothameni nasezinsikeni zombili, uJehova uyakudlula kulowo mnyango, angamvumeli umbhubhisi ukuba angene ezindlini zenu ukuyobulala.
24 “Niyakugcina le nto ibe ngumthetho kuwena nakuwo amadodana akho kuze kube phakade.