22 Nothatha isithungu sehisopi,* nisicwilise egazini elisemcengezini, nibhece ikhothamo nezinsika zombili zomnyango ngegazi elisemcengezini; akuyikuphuma muntu emnyango waleyo ndlu kuze kube sekuseni.
23 Ngokuba uJehova uyakudabula ukuyoshaya abaseGibithe; nanxa ebona igazi elisekhothameni nasezinsikeni zombili, uJehova uyakudlula kulowo mnyango, angamvumeli umbhubhisi ukuba angene ezindlini zenu ukuyobulala.
24 “Niyakugcina le nto ibe ngumthetho kuwena nakuwo amadodana akho kuze kube phakade.
25 Kuyakuthi lapho senifike ezweni uJehova azakuninika lona njengesithembiso sakhe, niyakugcina inkonzo yakhe.
26 Kuyakuthi nxa abantwana benu besho kini, bethi: ‘Iyini le nkonzo kini na?’
27 nithi: ‘Kungumhlatshelo wephasika likaJehova owadlula kuzo izindlu zabantwana bakwa-Israyeli mhla ebulala abaseGibithe, ezophula izindlu zethu.’ ” Abantu bakhothama, bakhuleka.
28 Abantwana bakwa-Israyeli basuka, benze njalo; njengalokho uJehova ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.