25 Kuyakuthi lapho senifike ezweni uJehova azakuninika lona njengesithembiso sakhe, niyakugcina inkonzo yakhe.
26 Kuyakuthi nxa abantwana benu besho kini, bethi: ‘Iyini le nkonzo kini na?’
27 nithi: ‘Kungumhlatshelo wephasika likaJehova owadlula kuzo izindlu zabantwana bakwa-Israyeli mhla ebulala abaseGibithe, ezophula izindlu zethu.’ ” Abantu bakhothama, bakhuleka.
28 Abantwana bakwa-Israyeli basuka, benze njalo; njengalokho uJehova ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.
29 Kwathi phakathi kwamabili uJehova wabulala onke amazibulo ezweni laseGibithe, kusukela kulo izibulo likaFaro owayehlala esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube kulo izibulo lesiboshwa esasisetilongweni, kanye namazibulo onke ezinkomo.
30 UFaro wavuka ebusuku, yena nezinceku zakhe zonke, nabo bonke abaseGibithe; kwaba khona ukukhala okukhulu eGibithe, ngokuba kwakungekhondlu, lapho kungafanga muntu khona.
31 Wababiza oMose no-Aroni ebusuku, wathi: “Vukani niphume kubantu bami, nina nabantwana bakwa-Israyeli, nihambe niyokhonza uJehova, njengalokho nishilo.