31 Wababiza oMose no-Aroni ebusuku, wathi: “Vukani niphume kubantu bami, nina nabantwana bakwa-Israyeli, nihambe niyokhonza uJehova, njengalokho nishilo.
32 Thathani izimvu zenu nezinkomo zenu, njengalokho nishilo, nihambe, ningibusise nami.”
33 AbaseGibithe babebacindezela abantu ukuba babakhiphe ezweni ngokushesha, ngokuba bathi: “Thina sonke sifile.”
34 Abantu base bethatha inhlama yabo ingakavutshelwa, nezingqwembe zabo zokuxova isinkwa, ziboshwe ezingutsheni zabo emahlombe abo.
35 Abantwana bakwa-Israyeli benza-ke njengezwi likaMose; bacela kwabaseGibithe izinto zesiliva, nezinto zegolide, nezingubo.
36 UJehova wabenzela abantu umusa emehlweni abaseGibithe, babapha lokho abakucelayo. Babaphundla abaseGibithe.
37 Abantwana bakwa-Israyeli basuka eRamsesi, bafika eSukoti, kungathi abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha behamba phansi, bengamadoda ngaphandle kwabantwana.