36 UJehova wabenzela abantu umusa emehlweni abaseGibithe, babapha lokho abakucelayo. Babaphundla abaseGibithe.
37 Abantwana bakwa-Israyeli basuka eRamsesi, bafika eSukoti, kungathi abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha behamba phansi, bengamadoda ngaphandle kwabantwana.
38 Kwenyuka nabo ingxubevange yabantu, nezimvu, nezinkomo, imfuyo eningi kakhulu.
39 Ngenhlama abaphuma nayo eGibithe benza amaqebelengwane angenamvubelo, ngokuba yayingavutshelwe, lokhu baxoshwa eGibithe bengenakulibala, futhi bengazilungiselanga mphako.
40 Ukuhlala kwabantwana bakwa-Israyeli abakuhlalayo eGibithe kwakuyiminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu.
41 Kwathi ekupheleni kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, kwathi ngalona lolo suku, amabandla onke kaJehova aphuma ezweni laseGibithe.
42 Kungubusuku obuzakugcinelwa uJehova ngokubakhipha kwakhe ezweni laseGibithe, ngubusuku bukaJehova obuzakugcinwa yibo bonke abantwana bakwa-Israyeli ezizukulwaneni zabo.