48 “Nxa umfokazi ogogobeleyo kuwe ezakumgcinela uJehova iphasika, mabasoke bonke abesilisa bakhe, asondele aligcine, abe njengowokuzalwa ezweni; kepha malingadliwa muntu ongasokiwe.
49 Mawube munye umthetho kowokuzalwa ekhaya nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu.”
50 Benza kanjalo bonke abantwana bakwa-Israyeli; njengalokho ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.
51 Kwathi ngalona lolo suku uJehova wakhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe ngamabandla abo.