7 Wathatha izinqola ezingamakhulu ayisithupha ezikhethiweyo, nezinqola zonke zaseGibithe, nezinduna zazo zonke.
8 UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibithe; waxosha abakwa-Israyeli; ngokuba abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakamileyo.
9 AbaseGibithe babaxosha, amahhashi onke, nezinqola zikaFaro, nabamahhashi bakhe, nempi yakhe, babafica bemise ngaselwandle ngasePhi Hahiroti ngaphambi kweBali Sefoni.
10 UFaro esesondela, abantwana bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo; bheka, abaseGibithe babebalandela; base besaba kakhulu; abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova.
11 Bathi kuMose: “Kungokuba kwakungekho mathuna eGibithe usikhiphile ukuba sifele ehlane na? Usenzeleni lokhu, wasikhipha eGibithe, na?
12 Leli alisilo izwi esalikhuluma kuwe eGibithe, sithi: ‘Siyeke, sikhonze abaseGibithe,’ na? Ngokuba bekuyakuba ngcono kithi ukubakhonza abaseGibithe kunokuba sifele ehlane.”
13 UMose wathi kubantu: “Ningesabi; qinani, nibone ukusindisa kukaJehova azakunenzela khona namuhla, ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubuye nibabone naphakade.”