16 Bayehlelwa luvalo nokwesaba;ngokobukhulu bengalo yakho bathulisa okwetshe,baze bawele abantu bakho, Jehova,baze bawele abantu bakho obathengileyo.
17 Uzakubangenisa, ubatshale entabeni yefa lakho,indawo ozenzele yona, Jehova, ukuba uhlale kuyo,indlu engcwele, Nkosi, eziyimisile izandla zakho.
18 UJehova uyakubusa kuze kube phakade.”
19 Ngokuba amahhashi kaFaro angena elwandle kanye nezinqola zakhe nabamahhashi bakhe, uJehova wabuyisela amanzi olwandle phezu kwabo; kepha abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo ngaphakathi kolwandle.
20 UMiriyamu umprofethikazi, udadewabo ka-Aroni, waphatha isigubhu ngesandla sakhe; bonke abesifazane baphuma emva kwakhe bephethe izigubhu, besina.
21 UMiriyamu wabaphendula ngokuthi:“Hlabelelani kuJehova,ngokuba uphakeme kakhulu;ihhashi nenkweli yaloukuphonse elwandle.”
22 UMose wayesebahola abakwa-Israyeli besuka eLwandle Olubomvu, baya ehlane laseShuri; bahamba ehlane izinsuku ezintathu bengafumani manzi.