19 Ngokuba amahhashi kaFaro angena elwandle kanye nezinqola zakhe nabamahhashi bakhe, uJehova wabuyisela amanzi olwandle phezu kwabo; kepha abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo ngaphakathi kolwandle.
20 UMiriyamu umprofethikazi, udadewabo ka-Aroni, waphatha isigubhu ngesandla sakhe; bonke abesifazane baphuma emva kwakhe bephethe izigubhu, besina.
21 UMiriyamu wabaphendula ngokuthi:“Hlabelelani kuJehova,ngokuba uphakeme kakhulu;ihhashi nenkweli yaloukuphonse elwandle.”
22 UMose wayesebahola abakwa-Israyeli besuka eLwandle Olubomvu, baya ehlane laseShuri; bahamba ehlane izinsuku ezintathu bengafumani manzi.
23 Sebefika eMara babengenakuphuza amanzi aseMara, lokhu ayebaba; ngalokho igama lalo lathiwa iMara.*
24 Abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Siyakuphuzani na?”
25 Wayesekhala kuJehova; uJehova wambonisa umuthi; wawuphonsa emanzini, amanzi aba mtoti. Wabamisela khona isimiso nomthetho; wabavivinya lapho,